
Umphakathi uthathe uzifikele mathuba ezigebengwini ekade zihlukumeza amalunga omphakathi eSebonkeng. Kubikwa ukuthi owesilisa ugwazwe ku-4453 Zone 12, eSebokeng, ngesikhathi ebuya endaweni yokucima ukoma eseduze. Kukholakala ukuthi ushonele esibhedlela iSebokeng.
Umphakathi uhlonze abasolwa abathathu abebecashe ngaphakathi kwekhonteyna eseduze wabaletha lapho bekugwazwe khona. Bashaywe kanzima amalungu omphakathi base beshiswa.
Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, ahlulekile ukuphuma emotweni yawo ngenxa yokusatshiswa wumphakathi. Omunye wabasolwa ube esebonakala egijima ezungeza imoto yamaphoyisa efuna usizo.
Imoto ibonakala inamachaphaza egazi ngaphandle ngenxa yokuthi umsolwa ugijima eduze kwayo. I-Public Order Policing Unit (POPS) yabe isibizelwa usizo. Ngesikhathi befika endaweni yesigameko kwaqinisekiswa ukuthi umuntu oyedwa ushonile, owesibili nowesithathu bashona ngemuva kwesikhashana.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
