Ubhekene namacala angu-145 owayeyisikhulu sonogada bakwa-PRASA

USipho Lucas Phiri, owayeyisikhulu sonogada owayeqashwe kwa-PRASA, ubhekene namacala angu-145, okuhlanganisa awokuthumba nokudlwengula.

UPhiri usebenze kwaPRASA kusukela ngo-2020 waze waboshwa ngo-2023, ngemuva kwalokho wanqanyulwa yinkampani.

Imibiko iveza ukuthi uPhiri wayeqonde ngqo abesifazane abaya emsebenzini ekuseni ngovivi endaweni yaseThembisa.

Kuthiwa ubefika kulaba besifazane ephethe isibhamu, abafake emotweni yenkampani ngenkani, bese ebahambisa ezindaweni ezicashile lapho ezokwenza khona izenzo zocansi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.