
I-Operation Basadi yenziwa eMadikwe ngoLwesibili, zingama-27 kuNcwaba 2024, njengengxenye yemizamo yokulwa nobugebengu. Lo mkhankaso uholele ekushaqweni kwezinkomo zakwaBonsmara ezingu-17, iloli i-Isuzu kwaboshwa abasolwa ababili uFrancio Nel (44) noSteven Mothas Baduds (34) ngezinsolo zokutholakala nezinkomo okusolakala ukuthi zebiwe.
Le mpumelelo enkulu yenziwe yaba yimpumelelo ngokuthola ulwazi mayelana neloli elithutha izinkomo ezebiwe endaweni yaseLindleyspoort.
Ithimba labezomthetho, okuhlanganisa nophiko lweMadikwe Stock Theft and Endangered Species (STES) kanye namaphoyisa omgwaqo, bavala izivimbamgwaqo base beqapha eduze kwaseSwartruggens, bagcina bevimbile futhi bamisa iloli.
Uma kuqhubeka uphenyo kuvele ukuthi lezi zinkomo ezingabiza u-R320 000.00 kubikwe ukuthi zebiwe esigodini saseLomanyaneng ngaseMahikeng.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
