
Isigamekweni sakamuva sokubangwa kwezindawo zokuvula izitolo zokudayisa ngesikhathi kushona owesilisa waseSomalia kwalimala okhulelwe ngesikhathi abokufika bexabana kubangwa izipaza. Le ingxabano phakathi kwamabhizinisi abokufika eDelft, kuholele ekudutshulweni kwabantu kwaphinde kwaqubula nokukhathazeka ngobugebengu obuhleliwe kanye nokuqolwa kwemali emphakathini.
Ngokwemibiko kubulawe owesilisa, 35, waseSomalia kwathi owesifazane oneminyaka engu-30 ubudala walimala esigamekweni sokudubula esitolo esiku-N2 Gateway. Okhulumela amaphoyisa uCaptain FC van Wyk usiqinisekisile isigameko, wathi, “Izimo ngesigameko sokudubula ku-Aberdare Street… ziyaphenywa ngoba imbangela ingakacaci kanti nabasolwa basagcwele amathafa.”
Usihlalo weDelft Community Policing Forum (CPF), uReginald Maart, udalule ukuthi ukuncintisana kwamakhasimende kanye nokulawula izindawo kubhebhethekise impi phakathi kwabanikazi bezitolo bangaphandle, ikakhulukazi labo abadabuka e-Ethiopia, Nigerian kanye naseSomalia.
“Bane-mafia yabo esebenza endaweni,” kusho uMaart, eveza ukuvela kwamanethiwekhi obugebengu kule miphakathi. I-CPF ikholelwa ukuthi lokhu kungqubuzana kube nomthelela ekwandeni kwemizamo yokuqola.
UMaart wachaza, “Sinenkinga lapho bekhokhela izigelekeqe ukuthi zibagadele bese kuba uhlobo lwesimo esithi ‘awukwazi ukuvula (isitolo) ngoba sengilapha’.” Uqhube wathi abanye abanikazi bezitolo bokufika kusolakala ukuthi bakhokhela amaqembu ezigebengu ukuze asabise futhi avimbele abanye ukuthi basungule amabhizinisi endaweni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
