Sidutshulwe yikhehla ngesikhathi kugetshengwa isigebengu saseMalawi

Owesilisa oneminyaka engu-27 odabuka eMalawi udutshulwe ngesikhathi kugetshengwa iGeneral Dealer eMaidstone ngoLwesibili ntambama. Isakhamuzi esineminyaka engu-69 sasoThongathi, eKZN, sifike esitolo sazibonela amadoda amathathu abehlomile egebenga indawo yaso.

Ikhehla lakhipha isibhamu salo iTangfoglio 6.35 ladubula enye yamadoda esifubeni. Umsolwa ulahle phansi isibhamu sakhe wabaleka nabehamba nabo. Kuntshontshwe imali namaselula. Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) afike endaweni yesigameko, bahlole isibhamu somsolwa bathola ukuthi bekungumfanekiso.

Ngemuva kokuxoxisana nofakazi kanye nomdubuli, amalungu e-RUSA aqhubekele emtholampilo wasoThongathi ukuyobheka ukuthi ngabe bakhona yini abadutshuliwe abangeniswe. Ngesikhathi amaphoyisa efika abikelwe ukuthi owesilisa obenenxeba lokudutshulwa esifubeni ushiywe ngaphandle kwesikhungo sezokwelapha ngabagibeli beveni emhlophe yohlobo lweFord Bantam, ekhishwe amapuleti. Onogada basemtholampilo basize indoda elimele ngaphakathi.

AbeReaction Officer baxoxisane nalo mlisa, oqale wathi uyisisulu sokugetshengwa. Nokho, ephekwa ngemibuzo, uvumile ukuthi yena nabanye abathathu bakhe itulo lokugebenga isitolo. Akazange anikeze noma yiluphi ulwazi olwengeziwe. AbakwaReaction Officer bamgadile umsolwa kwaze kwafika amaphoyisa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.