Uthembise ushintsho olunzulu eKZN uPappas

Omele iDA kwesikaNdunankulu KwaZulu-Natal, uChris Pappas, uthembise ushintsho olukhulu esifundazweni uma sekuphethe iqembu leDA ngesikhathi ekhuluma kumbuthano wosuku lwamalungelo abantu obuse-Uvongo eningizimu yeKwaZulu-Natal. “Uma kukhona okungakusebenzeli, shiya.” kusho uPappas ekhuluma nge-ANC wathi abavoti mabayilahle ngoba ihlulekile ukuphatha izwe kule minyaka engu-30 edlule.

UPappas uphinde wagxeka ukuphulwa kwamalungelo abantu, ngokuthi bangahlinzekwa ngamanzi ahlanzekile. Uthembise ukuthi uma kuthatha iqembu leDA, izinto zizoshintsha kakhulu kulesifundazwe.

“Njengoba sibheke esikhathini esizayo, iDemocratic Alliance isimi ngomumo ukuhola iKwaZulu-Natal iphume kulo mshikashika. Isethembiso sethu akukona nje ukuxazulula inkinga yamanzi kodwa ukuletha intuthuko esimeme nempumelelo yabo bonke abahlali bakhona. Ngomhla zingama-29 kuNhlaba, ivoti lakho lingasiza ekuguquleni lo mbono ube ngokoqobo.” kusho uPappas

“Ngokubambisana, sinamandla okutakula i-KZN, siqinisekisa ukuthi ilungelo lomuntu lokuthola amanzi eliyisisekelo alisesona isithembiso, kodwa liyinto engokoqobo yaso sonke isakhamuzi. Ivoti lakho liyizwi lakho – malinanele ebhokisini lokuvota ukuze uthole ikusasa eliqhakazile nelivikeleke amanzi KwaZulu-Natal.” enezezela.

Abalandeli beDA bamukela ngenhlokomo uChris Pappas ehholo ledolobha lase-Uvongo, ngesikhathi ezothula lenkulumo embuthanweni wosuku lwamalungelo abantu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.