
Amaphoyisa e-KZN asekuqinisekisile ukuboshwa kukayise wengane yentombazane, 14, okubikwe ukuthi ithunjwe ngesonto eledlule. Kuthiwa lentombazanyana ihlwithwe ngaphandle kwesikole lapho efunda kuso eSenembe ngoMsombuluko odlule. Amaphoyisa athi ayithole eVerulam, ihamba nendoda yokufika kuleli ngokungemthetho. Umsolwa ube eseboshwa lapho kanti ubezovela enkantolo namuhla.
NgoLwesithathu, uyise wentombazane unxuse ukuthi ibuye iphephile watshela abeNewswatch ukuthi uyazi ukuthi ithathwe ngubani. Uthathwe uphiko olubhekele udlame komndeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi eMhlali ekuseni. Ubhekene namacala amaningi, okubalwa awokushushumbisa abantu.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uRobert Netshiunda uthe uyise wayazi ukuthi ingane ikuphi ngesikhathi evula icala lokuthumba. Uthi uphenyo lwamaphoyisa luthole ukuthi intombazane ihambe ngokuzithandela nale ndoda
“Ubaba oneminyaka engu-43 ubudala ubhekene necala lokushushumbisa abantu, lokwehlula ukusebenza kwezomthetho, ukuqamba amanga kanye namacala angaphansi kweFinance Act ngokusebenzisa budedengu izinsiza zombuso. Uzovela eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngoLwesithathu. ngakolunye uhlangothi, umsolwa oneminyaka engu-23 ubudala ubekwe icala lokudlwengula ngokomthetho kanye nokuba sezweni ngokungekho emthethweni.”
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
