
Akubikwanga muntu olimele kulandela isigameko sokugetshengwa kwaSpar kuWick Street enkabeni yedolobha iVerulam KwaZulu-Natal. Amalungu eReaction Unit South Africa (RUSA) afike endaweni yesigameko ahlangana nesisebenzi esibalandise ukuthi abasolwa ababili abebehlomile bahlangane naye bamphuca isamba semali esingadalulwanga ngaphambi kokuba babaleke ngezinyawo baye endaweni yokupaka izimoto engemuva kwesakhiwo. Abasolwa babonakale behamba ngesivinini esiphezulu ngemoto emhlophe uhlobo nesikhawi sayo kanye nokubhaliswa kwayo akwaziwa. AbeReaction Officer benze uphenyo olunzulu befuna abasolwa kodwa bekungakaboshwa muntu.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
