
Ekhuluma enkonzweni yomngcwabo wePhini likaSihlalo we-CPF eGugulethu, uLulama Dinginto, uCele uthe umuntu onentshisekelo ekubulaweni kwakhe, uLungile Madolo, bekumele avalelwe ejele. UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ukhwele wadilika ohlelweni lwezobulungiswa kanye namajaji aseWestern Cape ngokukhulula izigebengu ezinamacala asalinde ejele.
Ungqongqoshe ukhulume enkonzweni yomngcwabo wePhini likaSihlalo weGugulethu Community Policing Forum (CPF) uLulama Dinginto ngoMgqibelo. UDingnto wadutshulwa wabulawa esemzini wakhe esikhathini esingangesonto eledlule.
UCele uthe uMadolo kwakumele agqunywe ejele, wagwetshwa iminyaka eyisikhombisa ngo-2018 ngamacala okugqekeza nokuzama ukubulala. Uthe isigebengu esifunwayo sinamacala asaqhubeka esibhekene naso. “Kodwa ngenxa yokuthi abanye bethu, abanye balawo majaji… abanandaba. Banenhlanhla enkulu yokuthi abayi ngisho nokuhambela le mingcwabo.” UCele unxuse imiphakathi ukuthi ingenelele ibuze amajaji ukuthi kungani ededela izigebengu ejele.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
