
Umsakazi wezemidlalo uMpho Maboi ukholwa wukuthi yena nowayengumdlali weKaizer Chief uReneilwe “Yeye” Letsholonyane ngabe basandawonye ukube abakaze bashade. UMaboi uveze lokhu engxoxweni abe nayo noRelebogile Mabotja we-702 kuleli sonto ukuthi yena nesihlabani sebhola bahlukana ngo-2021 ngemuva kweminyaka emibili beshadile.
UMaboi wengeze ngokuthi ngesikhathi uMusa Khawula ekhuluma ngedivosi yabo ngoJuni 2022, base behlukanisile. Lo msakazi uphinde waveza ukuthi umshado ubhidliza yonke into futhi ukholelwa ukuthi ukube yena noLetsholonyane babengakaze bashade, ngabe basahlala ndawonye.
“Umshado ushintsha yonke into, ushintsha indlela abantu abakubheka ngayo, nombono womndeni. I-dynamics iyashintsha. ” Uphinde wayichitha imibiko kaKhawula yokuthi ushadelwe imali futhi wengeza ngokuthi abantu abamnyama abalwazi uthando.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
