
“Namuhla kube usuku oluyingqophamlando kwisikhungo sobuholi bomdabu esifundazweni sethu!” lawa ngamazwi kaNgqongqoshe uBongiwe Sithole-Moloi ngesikhathi edlulisela amalaptop kanye namakhadi edatha e-3G koNobhala beMikhandlu yamakhosi emcimbini obusingathwe ngaphansi komasipala waseAlfred Duma, eMnambithi.
Today marks a milestone for the institution of traditional leadership within our province! KZN Cogta MEC Bongiwe Sithole-Moloi shared the power of technology, delivering laptops & 3G data cards to Traditional Council Secretaries. pic.twitter.com/O5VIL8aFhx
— KZNCOGTA (@kzncogta) November 28, 2023
Lokhu kuyingxenye yemizamo kaNgqongqoshe yokuqinisa nokweseka izinhlaka zobuholi bomdabu esiFundazweni saKwaZulu-Natal. Ngesikhathi sokunikezelwa kwezinsizakusebenza, uNgqongqoshe uSithole-Moloi udlulise ukubonga koNobhala be-TC ngeqhaza labo elibalulekile emsebenzini womkhandlu wendabuko kanye nokuqinisekisa ukuthi imiphakathi yethu ihlinzeka ngemisebenzi engenazihibe.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
