
Imizamo yemithombo yezindaba yokuxoxisana nohulumeni mayelana “nokuvalwa” kwecala lenkohlakalo lowayeyiMeya yeTheku, uZandile Gumede nabanye abangu-21, ibhuntshile.
Incwadi ethunyelwe abameli bakwa-e.Sat, e.tv, Newzroom Afrika kanye ne-SABC ngasekupheleni kwesonto eledlule, iphakamisa ukuthi kube nesixazululo, ayizange iphendulelwe, kusho u-Adv Max Du Plessis phambi kwejaji leNkantolo eNkulu yaseThekwini uSharmaine Balton ngoLwesibili.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
