UMasemola usolwa ngokwamukela ivenge kuBobby Motaung

UKhomishana wamaphoyisa kazwelonke, uGeneral uFannie Masemola usolwa ngokwamukela intshontsho kwimenenja yeqembu leKaizer Chiefs nengusomabhizinisi owaziwayo uBobby Motaung.Ngokwemibiko evelayo, uMasemola usolwa ngokuthi wathola imali noma ezinye izinzuzo kuMotaung ukuze athiye – izinqumo ezithile zamaphoyisa. Imininingwane eqondile yokuthi isifumbathiso sasinjani nokuthi sasenzelweni ayikakadalulwa esidlangalaleni, kodwa uphenyo seluqalile.Lezi zinsolo ziza ngesikhathi uMasemola esevele ebhekene nokugxekwa okuvela ku-Lieutenant-General Daphney Manamela, omsole ngokuvikela amaphoyisa akhohlakele.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.