Usola uMasemola ngokuvikela amaphoyisa akhohlakele

UKhomishana wamaphoyisa eMpumalanga omisiwe uLt General Daphney Semakaleng Manamela ukhwele wadilika kuKhomishana kazwelonke uGeneral Fanie Masemola emsola ngokuvikela amaphoyisa akhohlakele nokuba ungqondongqondo ekumisweni kwakhe.

U-Lt Gen Manamela usanda kuveza izinsolo ezibucayi zokuthi kukhona inkohlakalo esezingeni eliphezulu kanye nokungaphathi kahle ngaphakathi emaphoyiseni eMpumalanga.

Nakuba imininingwane egcwele ingakadalulwa esidlangalaleni, okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Mathe uthe bazozibheka izinsolo ezenziwa uManamela.

Kuvela ukuthi ezinye izinsolo zithinta ukubulawa kukaJimmy Mohlala eMbombela. Kunezinsolo zokuthi abantu abathintekayo kulezi zinsolo bavikelwa amaphoyisa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.