
Uhlalele ovalweni umphakathi waseMabomvini eMsinga ngenxa yezigebengu ezintshontsha imfuyo ziphinde zibulale nabantu. Umphakathi ukhala ngeqembu labafana bakwaKhanyile okuthiwa bahlome bayizingovolo abahlalise umphakathi lubhojozi. Labafana kuthiwa bangena ngenkani emizini yabantu bathathe imfuyo ezibayeni.
“Silala obenyoni. Labafana bahlale behlome beyizingovolo emini nasebusuku. Uma uzama ukuvikela izinkomo zakho, uyadutshulwa,” kusho omunye wabafuyi ocele igama lakhe siligodle ngenxa yokwesabela -impilo yakhe.
“Kumanje kunzima ngisho ukuyoqoqa imfuyo emadlelweni ngoba uzodutshulwa yilabafana abachanasayo.” Umthombo osondelene nomphakathi utshele i-BUNDA IZINDABA ZESIZWE ukuthi ukwesaba sekuze kwafinyelela ezingeni lapho khona amalungu omphakathi esethathe isinqumo sokushiya amakhaya awo, abalekele kwezinye izindawo ukuze avikele izimpilo zawo.
“Abantu bayaphela. Njalo emasontweni kungcwatshwa abantu ababulawe yilamasela ezinkomo. Uma singatholi usizo, iMabomvini izosala iyidwala,” kusho ilunga lomphakathi laseZingulubeni.
Ubugebengu bokuntshontshwa kwemfuyo eMsinga kade babayinkinga.I-BUNDA IZINDABA ZESIZWE lixhumane nelinye iphoyisa elisebenza esiteshini samaphoyisa saseMsinga lathi alivumelekile ukukhuluma nabezindaba ngokusemthethweni. Kodwa likuqinisekisile ukuthi “udaba lubikiwe.
“Inkinga enkulu ukuthi amalungu omphakathi awabiki ngokusemthethweni esiteshini. Sike sabamba umhlangano kodwa abantu besaba ukuphumela obala besho ukuthi ngobani abenza ubugebengu,” kusho leli phoyisa.
Liphinde laxwayisa ngokuthi ngaphandle kwezitatimende ezifungelwe, amaphoyisa ngeke akwazi ukubopha. Muva nje, umphakathi usanda kubamba abafana bakwaMaphumulo abeba izinkomo eMsinga. Abaholi bomphakathi manje sebecela uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ukuthi angenelele.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
