Umnqamlajuqu kwelikaMalema lesibhamu namuhla

Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema uzokwazi ngekusasa lakhe ngoLwesithathu namuhla njengoba elindele ukuzwa isigwebo sakhe emva kokulahlwa icala likuqhumisa isibhamu esidlangalaleni. Lokhu kumayelana nesigameko sango 2018 lapha uMalema aqhumisa khona isibhamu embuthanweni weqembu eSisa Dukashe Stadium eMdantsane, eGompo. Inkantolo yeMantshi e-East London kulindeleke ukuthi iwise isigwebo.Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo ngesonto eledlule, uMalema uthe uzimisele ukulwa aze afike ekugcineni.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.