Umholi webandla enkantolo ngezinsolo zokudlwengula

Amakhulu abantu abuthene ngaphandle kweNkantolo yeMantshi eRoodepoort ngoLwesibili lapho umholi womphakathi owaziwayo futhi oyilungu eliphezulu leBandla laseLuthela osolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka eyi-13 kade evela enkantolo.

Umangalelwa, igama lakhe eligodliwe ukuze kuvikelwe ummangali, ubhekene necala elilodwa lokudlwengula. Kuthiwa lesi sigameko senzeka ngoFebhruwari kulo nyaka eDobsonville, eSoweto.

Ngaphandle kwenkantolo bekunamalungu omphakathi waseDobsonville, amalungu ebandla, kanye nezishoshovu ezilwela amalungelo abesifazane nezingane. Abanye babephethe izingqwembe ezibhalwe kuwo imiyalezo efuna ubulungiswa kwathi abanye babehlabelela amaculo enhlonipho yomtwana.

Ummangalelwa uvele kafushane enkantolo kanti icala lahlehliselwa umhla ka-28 Ephreli 2026 ukuze kuqhutshwe nophenyo.Umshushisi uthe uphenyo lusaqhubeka futhi kusalindwe imiphumela kadokotela. Umndeni womtwana uthe ufuna ubulungiswa.

Amaphoyisa aseDobsonville aqinisekise ukuthi icala livuliwe futhi liyaphenywa ngokugcwele. Ibandla belingakakhiphi sitatimende.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.