
Umbango weBetway Premiership League, uyaqonga njengoba amaqembu amabili abanga lesicoco, iMamelodi Sundowns FC ne-Orlando Pirates banqobile emdlalweni yayizolo ebusuku.
IMamelodi Sundowns FC iphunyuke ngembobo yenalithi ku-Durban City FC, eChartworth Stadium. Umdlali waseswini weMamelodi Sundowns FC, uTsiki Ntsabeleng uthole ibhola elihle ebeliqhamuka ku Marcello Allende walibeka enethini. I-Durban City FC, izamile ukubuya, kodwa lahluleka ukukhanda amathuba angcono, umdlalo waphela ngegoli elilodwa eqandeni 1-0.
Khona manjalo iqembu le-Orlando Pirates lilobole iGolden Arrows ngamagoli angu 5-0 emdlalweni weBetway Premiership League obuse-Orlando Amstel Arena (Orlando Stadium). U-Oswin Appollis ushaye amagoli amabili kwathi elinye laba ngumkhonto ogwaze ekhaya kanozinti- Edward Maova.
URelibohile Mofokeng ushaye amagoli amabili kulomdlalo, nokumenza waba ngomunye wabadlali abasembangweni wokuba ngumshayi magoli ovele ku-PSL.
IMamelodi Sundowns FC isahlezi phezulu kwi-log ngamaphuzu angu 56 bese kuthi iPirates ilandele ngamaphuzu angu 54.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
