
Intatheli yeBunda News
Abameli basomabhizinisi waseMozambique u-Esmael Maulide Ramos Nangy bafuna kuthathelwe izinyathelo zokuqondiswa kobugwegwe uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
Abameli bale ndoda basola uMkhwanazi ngabakuchaza njengo kuhlasela okunonya nokungekho emthethweni okwenziwa amaphoyisa kwikhasimende labo.
UNangy nethimba lakhe labameli basola ukuthi amaphoyisa angaphansi kobuholi bukaMkhwanazi amhlukumeza ngesihluku ngemuva kokuboshwa kwakhe ngezinsolo zokuthumba.
UNangy wayesolwa ngecala lokuthumba.
Emaphepheni afakwe eNkantolo Ephakeme yasePitoli, uNangy ufuna isinxephezelo esingu-R10 million ngenxa yokuboshwa kwakhe ngokungekho emthethweni, ukuvalelwa, nokuhlukunyezwa.
Uveza ukuthi yena nabanye ababili baboshwa ekupheleni kuka-2024 KwaDukuza.
Ukhomba ukuthi ngesikhathi bephenywa, amaphoyisa abashaya, abaklinya ngentamo, abafaka nezikhwama zamanzi ezihlanganisiwe phezu kwamakhanda. Uhulumeni wahoxisa amacala obugebengu ababhekene nawo ngoJanuwari 2025.
Umfazi kaNangy naye ufake isikhalazo esihlukile kuma-Hawks.
Usola ukuthi amaphoyisa aphula umthetho ngesikhathi ehlasela ikhaya labo eMidrand athatha izimpahla zikanokusho, okuhlanganisa namawashi ayisithupha e-Rolex nemali. Uchaze lezi zinsolo esifungweni asinikeza ngemuva kokuboshwa kwakhe, lapho achaza khona ukuvalelwa ezimeni ezisehlisa isithunzi ngaphandle kokuthola inkonzo eyisisekelo yezempilo izinsuku eziningi.
Abameli bakaNangy bathi babhalela iziphathimandla eziphezulu zamaphoyisa, bebuza ukuthi kungani uMkhwanazi engakabhekana necala lokuqondisa izigwegwe naphezu kwalezi zinsolo.
Baphinde bafuna ukubuyiselwa impahla eyathathwa futhi bafuna ukucaciselwa ukuthi ngabe yayikhona yini incwadi egunyaza ukubopha ngesikhathi kuqhubeka lo msebenzi. Amaphoyisa akuvumile ukuthi athole isikhalazo futhi aqinisekisa ukuthi ithimba labo lezomthetho liyazihlola lezi zinsolo.
UMkhwanazi nehhovisi lakhe bebengakaphawuli ngalezi zinsolo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
