
Inyelwe inyoni esandleni iSafa ngesikhathi ithola abaxhasi abasha.
Le nhlangano yebhola yakuleli imemezele abaxhasi abasha bakwaStandard Bank ngoMsombuluko.
IStandard Bank sizoseka i-SAFA iminyaka emine ezayo, kuze kube unyaka ka-2030, okungenzeka ubudlelwano buqhutshwe ngokuhamba kwesikhathi.
Lo mcimbi ubuhanjelwe umengameli we-SAFA, uDanny Jordaan, nomongameli we-Standard Bank bebekhona, bephelezelwa abadlali beBafana Bafana kanye nabanye abaholi bebhola likanobhutshuzwayo baseNingizimu Afrika.
Lesi simemezelo sifika ngesikhathi esibucayi lapho iBafana Bafana ilungiselela iNdebe Yomhlaba yeFIFA ka-2026, kanti iBanyana Banyana izobamba iqhaza kwiNdebe Yezizwe Yase-Afrika Yabesifazane (WAFCON) kule nyanga.
“Lolu ubudlelwano obuzoqinisa isisekelo sebhola lethu. I-Standard Bank isingenzele umfutho omkhulu ngesikhathi esibalulekile, futhi lokhu kuzozuzisa wonke amaqembu ethu kazwelonke, kusukela kwancane kuye kwakhulu.”
Ubudlelwano obusha buzohlinzeka ngoxhaso oludingeka kakhulu emizamweni ye-SAFA yokuthuthukisa amakhono emidlalo, ukusekela abadlali, kanye nokwakha ikusasa eliqhakazile lebhola likanobhutshuzwayo kuleli. Kuzoqinisekisa ukuthi amaqembu kazwelonke anokusekelwa okwanele ukuze akwazi ukuncintisana ezingeni eliphezulu kakhulu emhlabeni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
