Ulimale kanzima owesifazane obezama ukugqekeza

EWindhoek, eNamibia, kulimale umsolwa wesifazane ngesikhathi ezama ukugqekeza lapho ehlala khona izolo ebusuku.

Kubikwa ukuthi wabethelwa ngezikhonkwane ezibukhali esangweni ngesikhathi kugetshengwa kubhuntshile.

Abazibonele bathi uyisela elidume kabi kwamakhelwane, ugxile ekuntshontsheni nokudayisa izingxenye zezimoto zakwaVW, ikakhulukazi izibuko ezisemaceleni namalambu.