
Ngu: Alfred Ngubane |
UMkhandlu wesiFunda uMzinyathi usuqoke uMnuz Mlungisi Ntanzi njenge menenja kamasipala. UNtanzi uqokwe ngemuva komhlangano womkhandlu ngoLwesihlanu.
UNtanzi ubekade ebambile kulesi sikhundla njengoba eseqokwe ngokugcwele. Akasiye umuntu omusha kulo masipala, njengoba eke wasebenza njengoMqondisi woMnyango (HOD) kwa-Corprate Services. Kanti uke wabamba isikhundla esifanayo kumasipala waseDannhauser naseMsinga.
“Njengo mhlali waseMzinyathi, ngiyakuqonda ukujula kwenkinga yokushoda kwamanzi kulesi sifunda,” kusho uNtanzi. “Ngizibophezele ukubuyisa isithunzi salo masipala ngokuqinisekisa ukuthi imiphakathi ithola amanzi ngendlela ethembekile.” usho kanje.
IMeya yaseMzinyathi uNkk Thembisile Mchunu izwakalise ukujabula ngokuqokwa kukaNtanzi yanxusa abasebenzi ukuba bameseke.
UMchunu uthe uyabethemba ubuholi bukaNtanzi, wengeza ngokuthi mkhulu umehluko okhona emkhandlwini kusukela kade ebambile.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
