
Intatheli edumile uMelinda Ferguson uzokhipha incwadi ekhuluma ngobudlelwano obunobuthi buka-Anele Tembe no-AKA ngaphambi kokushona kwabo kabuhlungu. Ngokusho kwabashicileli be-NBA, incwadi esihloko sithi “When Love Kills”, kulindeleke ukuthi ifinyelele emashalofini ezincwadi ngo-Ephreli 2024.
Incazelo yale ncwadi ifundeka kanje: “I-When Love Kills” yinganekwane yesihlabani somculo we-hip hop, u-AKA okwashintsha impilo yakhe ngesikhathi eqala ubudlelwano no-Anele Tembe, 21. Incazelo yencwadi ifundeka ngokwe-NB Publishers ifundeka kanje:
“I-When Love Kills iyinganekwane yesihlabani se-hip hop, u-AKA. impilo yakhe yashintsha ngesikhathi eqala ubudlelwano no-Anele Tembe oneminyaka engu-21 ubudala. Ngesikhathi “ewa” eshona ngokuthanqazeka phansi esuka esitezi seshumi e-Pepper Club ngo-Ephreli, Ngo-2021, ngemuva kobusuku obude bengxabano.
Kulencwadi kuzovela imininingwane yokuthi babebanjwe yisivunguvungu sokudla izidakamizwa, izinsolo zokusebenzisa izidakamizwa kanye nodlame. Kuthi kungakapheli ngisho iminyaka emibili kwadlula u-Anele, kube sekudlula emhlabeni u-AKA, wabulawa ngendlela eyayibukeka sengathi ifuna ukuziphindiselela ngokufa kwalentokazi okuyindaba yabo ebuhlungu.”
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
