
Umphakathi waseMakwane Village, eFree State, usashaqekile ngemuva kokuba umfana oneminyaka engu-16, egwaze wabulala uyise (ongamzali) kanye nomama wakhe omzalayo. Aligcinanaga lapho njengoba lelibhungu elineminyaka engu-16 ubudala laphinde labulala umfowabo oneminyaka emihlanu ngefosholo.
“Sicabanga ukuthi lo mfanyana unentukuthelo ngemuva kokuba uyise ongamzali ezohlala nonina, lapho waqala khona ukushintsha ukuziphatha kwakhe njengoba wayebaphendula ngenkathi bethi bazama ukukhuluma naye.” kusho ilunga lomphakathi, elizidalule ngokuthi lingu-Betty.
“Siqale sacabanga ukuthi yisiteji ngoba kukhona ezinye izingane eziba nomona ngomzali wazo omusha. Sasingakaze sicabange ukuthi siyoke sibone usuku lapho kulo muzi sithole umfana omncane enze ubugebengu obungaka,” kusho umakhelwane.
“Kunecala elivuliwe, kuboshwe umntwana osemncane kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMakwane maduze. Sizokhuluma ngokuvela kwakhe ngokuhamba kwesikhathi ngoba osonhlalakahle kumele balusukumele lolu daba njengoba umsolwa esemncane,” kusho uMophiring.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
