
UPeter Shalulile ongukaputeni weNamibia ubona ngendlela eyehlukile emdlalweni weNamibia ne Bafana Bafana. “Ngibona kungelula ukunqoba kalula njengoba ngizobhekana nabadlali engidlala nabo kuMamelodi Sundowns FC abafana no Aubrey Modiba, Terence Mashego, Mothobi Mvala, Teboho Mokoena, Khuliso Mudau, umehluko uzoba mkhulu njengoba manje asidlaleli iMamelodi Sundowns FC, kodwa sidlalela amazwe ethu” kusho uShalulile.
Lona kuzoba ngumdlalo onzima kakhulu njengoba iBafana Bafana inabadlali abasezingeni eliphezulu kakhulu futhi neNamibia inabadlali abaningi abadlala kuDstv Premiership League abaningi kakhulu abazanayo nabadlali base Ningizimu Africa. Iqembu lesizwe lase Namibia linqobe umdlalo wokuqala we- African Cup of Nations, lahlula ompetha be African Cup of Nations bango 2004 iTunisia ngegoli elilodwa lika Deon Hotto.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
