
UNkosinathi Mhlakwana usanda kuvuselela inkontileka entsha neHollywood Athletics Running Club. Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ka 2019, kube ngunyaka kuyena omqoka aqala ngawo ukusubatha kwiComrades Marathon. UNkosikhona Mohlakwana uthi uzowenza kahle kakhulu ukudlula lamasizini amahlanu adlule. UMhlakwana useke wangena endaweni yesibili ngo 2022 ku Two Oceans Marathon futhi waphinda wangena endaweni yesithathu ngesizini edlule.
Khona manjalo uphinde wasebenza kahle ngo 2022 ku Comrades Marathon njengoba engene endaweni yesithupha. Useke wanqoba iPrince Mangosuthu Marathon, Joseph Shabalala Marathon, uMhlakwana no Bongumusa Mthembu kanye nabaqeqeshi babo basanda kubopha ifindo lokusebenzisana, kusho Thuso Mosia ongumqeqeshi ka Bongumusa Mthembu ogijimela Author Ford Athletic Club.
Labasubathi ababili balwa impi enkulu kakhulu nabasubathi base North West njengoba abasubathi base North West bayabanqoba kalula kulamasizini adlule. Kulindeleke ukuthi lobudlelwano balamaqembu buthule izithelo ezinhle njengoba kulindeleke namanye amaqembu KwaZulu-Natal abambe iqhaza lokusebenzisana ne Author Ford Athletic Club ne Hollywood Athletics Running Club emzamweni wokuketula iqembu le Nedbank Running Club.
Ngonyaka odlule labasubathi abenzanga kahle ku Comrades Marathon njengoba bengayiqedanga nokushiye kukhona imbuzo emningi kakhulu ukuthi ngabe bazokwazini ukuvuka bazithathe, kodwa kubonakala ukuthi ukuhlangana kwabo baziqeqeshe ndawonye kuzoba nomvuzo omuhle kulesizini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
