
Kuboshwe umshayeli weloli waseZimbabwe obephuzile ngemuva kokudala ingozi ebulala abantu abaningi e-Emona, KwaZulu-Natal. Ngokusho kwabeReaction Unit South Africa (RUSA), lo wesilisa, 52, odabuka eZimbabwe, ubeshayela iloli elithwele isihlabathi esisuka e-Emona liya oThongathi ngesikhathi ehluleka ukuyilawula yagingqika imoto yayongena emijondolo. Kushone oyedwa ujuqu ngesikhathi iloli lihlala phezu kwakhe, omunye obesendlini uphuthunyiswe esibhedlela elimele kanzima.
Umgibeli obeselolini utshele amaphoyisa akwaRUSA ukuthi umshayeli ubemgibeze kuleliloli ngoba eya oThongathi. Uthe umshayeli ubephuzile futhi ubenamabhodlela otshwala amaningi angenalutho emotweni. Amaphoyisa akwaRUSA, abezimo eziphuthumayo bakwa-IPSS Medical Rescue namalungu omphakathi basebenze ngokubambisana ukukhipha isihlabathi kanyue nokuvundulula isidumbu sikamufi, ikhanda lakhe belisavaleleke ngaphansi kweloli.
Khonamanjalo, inqwaba yezakhamizi ebezithukuthele zigane unwabu zibuthene endaweni yesigameko zasabisa ngokuhlasela umshayeli obebonakala ukuthi udakiwe. Umshayeli uboshwe ngamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) kanti kulindeleke ukuthi abhekane necala lokubulala ngokungenhloso, ukushayela ephuzile nokushayela budedengu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
