
Kube yintokozo yodwa nesikhathi uMnuz Themba Njilo, owayeyiMeya yakuMasipala waseMsunduzi ngaphansi koMkandlu waseMgungundlovu, enikela ngokudla kubantu baseMnambithi abahlukunyezwa izikhukhula. UMnuz Njilo, onenhlangano engenzi nzuzo kodwa elekelela abantu abaswele futhi abadinga usizo iThembanjilo Foundation, ibambisene neBI Phakathi Foundation, ekulekeleleni imiphakathi edinga usizo ngenhloso yokwenza izimpilo zabantu zibe ngcono ngempelasonto edolobheni laseMnambithi.
Lezizinhlangano zinikele ngokudla emindenini ewu-50. UNjilo uthe inhloso yabo ukulekelela lomphakathi waseMnambithi ngoba ubhekene nenkinga ngenxa yezikhukhula ezadilize imizi yabo kwaphinda kwangena amanzi. “Inhloso yethu ukuzolekelela abantu abasenkingeni abangazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani futhi sizama ukubathoba amanxeba ngenxa yesimo ababhekene naso. Abantu abathole usizo bakhethwe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal kanye noMasipala waseMnambithi. Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini eyalahlekelwa izihlobo zabo ngenxa yezikhukhula,,” kusho uNjilo.

Omunye wabathole usizo lokudla nguNkz Phindile Dlamini, osuka eZakheni, uthe ujabule kakhulu ngokuthola usizo ngoba akanalutho ngenxa yezikhukhula ezaqala ngoZibandlela. “Ngiswele amazwi okubonga kulezizinhlangano ngokusisiza siwumphakathi waseMnambithi, abakwenze kuthina bakwenze nakwabanye,” kusho uNkz Dlamini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
