UHlula “Mholi wami” Dladla ubuyisa abaxhasi esibhakeleni KwaZulu-Natal

UBig Zulu, uHlula Dladla(kapisi elibomu), iCEO yakwaBoxingSA kanye noNjilo bebhekane kwif-FaceOff. Isithombe: Bheki Msibi Facebook

Njengoba abaxhasi babaleka eminyakeni engaphezulu mashumi amabili eyadlulayo, Dladla usanda kuqokelwa esikhundleni esiphezulu sokuba ngusihlalo wabahleli bezimpi KwaZulu-Natal ,khona manjalo Magabadeli uqala ngokusondeza umculi odumile wakuleli uBig Zulu noPhumlani Njilo ongusomabhizinisi wase Mgungundlovu, lababobili bazotholana phezulu empini yokunandisa, Big Zulu uthi uzoqeda ngomsuliswano wokuqala womlalisa phansi kuPhumlani Njilo ongusomabhizinisi wase Mgungundlovu. kuzonyuka amagama kugcine sekuphela kanjalo ngo Njilo . khona manjalo uPhumlani Njilo eziphendulela uthi uzomthela othulini Big Zulu ngomzuliswano wesithathu intshebe ibheke phezulu, ngizomenza isitebhiso sokumshaya ngimehlule njengoba ezongithatha kancane. mina nginemuva yezamankomane njengoba ngadlala emazingeni aphansi ngalwa izimpi eyisithupha waphumelela emine wahlulwa owodwa wadlala ngokulingana owodwa, nginxusa abalandeli benkabi Nation ukuthi baphelele ngobuningi bezophoxeka ngosuku lempi bebona iqhawe labo lilala kwikhanivasi lingandlalelwe , Njilo nguyena ocele inselelo ku Big Zulu osanda kunqoba impi yakhe yokugcina ngomgqimuzo womlala phansi , lezimpi zizoba zivulela impi enkulu yosuku yebhande le SA Junior Feather Weight phakathi ka Zoliswa Batyi ongumpetha no Lindelani Sibisi ocela inselelo, enye impi ezobakhona ngeka Phelelani Khumalo ozotholana phezulu no Simphiwe Mbhele, ayikashiwo indawo lapho zizolwela khona ngokusho ka Nsikayezwe Sithole oyisikhulu esiphezulu kwi Boxing SA,kodwa khona maduze sizoyimemezela indawo,

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *