
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
UTeboho Mokoena uhlabeke umxhwele ngoMonapule Saleng indlela adlale kahle ngayo esuka ebhentshini.
USaleng ubedlala umdlalo wakhe wokuqala edlubhe umfaniswano weMamelodi Sundowns FC njengoba ngaphambilini ubegqame ku-Orlando Pirates.
Lomdlali ungene wathi khaxa esitayeleni seMamelodi Sundowns FC ngaphansi komqeqeshi uMiguel Cardoso.
USaleng ungene enkundleni wenza umsebenzi omuhle ngesikhathi ekhanda amabhola amabili ngesikhathi leliqembu leMamelodi Sundowns FC lishaya kabuhlungu iSikhukhune United ngo 3-1. Lomphumela weMamelodi Sundowns FC uqinisile umbango we Betway Premiership League nePirates eyimbangi ezinkulu. UFarouk Khan ongumhlaziyi wezemidlalo utshele iBunda News ukuthi iMamelodi Sundowns FC izoyinqoba iBetway Premiership League ngenxa yabadlali abasezingeni eliphezulu kakhulu nokuthi bakhuphule amasokisi njengamanje.
UKhan owaduma eyiphini lomqeqeshi weKaizer Chiefs waziwa ngokuvundulula abadlali abanjengo Jabu Mahlangu, Junior Khanye, Spepi Malatse.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
