Ubonge iminikelo ngodaba lomuzi wakhe umlingisikazi

Umlingisikazi uGcina Mkhize ubonge ngeminikelo engaphezu kuka-R20k ngemuva kokuxoshwa endlini. UGcina Mkhize uzwakalise ukubonga kwakhe ngeminikelo yomusa engaphezu kuka-R20,000 kulandela ukukhishwa emzini wakhe.

Lomlingisikazi wafuna usizo kubantu baseNingizimu Afrika ngemuva kokuthi umuzi wakhe udayiswe endalini ngenxa yezinkinga zokungakwazi ukuwukhokhela khahle.

Lomlingisi uthole ukwesekwa okukhulu emphakathini, okuholele emalini eningi yeminikelo. Abantu bahlangane naye bezomeseka, wahlomula ngaphezu kuka-R20,000 weminikelo.