
Ubengumsakazi wohlelo obeluyintakazi eNinigizimu Afrika ngokusiza abantu abaningi ababembhalela, becela usizo lokwakha kabusha izikole, ukwakha imitapo yolwazi nokusiza ezinhlelweni ezizuzisa futhi ezithuthukisa imiphakathi. Eminyakeni embalwa edlule ulahlekelwe yikho konke, umbukiso wakhe, inkontileka nesikhondlakhondla samaselula, nezinye zezimpahla zakhe njengezimoto zakhe wabe esegula. Imibiko ikhomba ukuthi, uBonginkosi ‘Zola 7’ kuthiwa wenza okukhulu kunempilo ebuyayo.
Kumanje lo mculi weculo elithi Mdlwembe umatasa nohlelo lwezingxoxo abesevele aluqopha. “Useke wenza izingxoxo ezivusa amadlingozi nezihlabani ezinkulu,” kusho umthombo utshele, wengeza ngokuthi, “Ngeke ngikwazi ukudalula imininingwane njengoba kusadingeka ukuthi akhulume eziteshini nakumakhasimende.”
UZola uzizwa ethole ithuba lesibili lokuphila ngemuva kokugula walaliswa esibhedlela amasonto amahlanu. “Ufunde emaphutheni adlule futhi kulokhu; ufuna ukwenza izinto ngendlela efanele. Wonke umuntu ufanelwe ithuba lesibili. Abantu babekuthanda ayekwenzela imiphakathi. Wenza lokho uhulumeni ahlulekile ukukwenza wabe eseba umesiya nezwi labantu. .”
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
