
Lowo owayengunkosikazi kaNgqongqoshe wezaseKhaya uMalusi Gigaba, uNorma Mngoma, usethole uthando ezandleni zowayengumyeni womlingisi odumile. Udaba lwalezi zithandani kuthiwa lwaqhakaza ngonyaka odlule ngemuva kokuba ummeli ehlukene nonkosikazi wakhe wesibili.
Imibiko ithi, ummeli owaphinde washada ngemuva kwesehlukaniso esibi nalo mlingisi kuthiwa udivosa unkosikazi wakhe wamanje. Imithombo ebekwe phezulu iye yatshelwa ukuthi ubudlelwano babo bushesha ludlula elejubane leGautrain njengoba laba bobabili sebehlala ndawonye. Ngokomunye umthombo okhulume, uNorma ushiye elinye isoka lommeli elidumile nalo ebelizohlukanisa.
“Abakufihli ukuthi bayathandana, bahlezi bedla ndawonye futhi babonwa nasezindaweni zokudlela ezahlukene eGoli futhi bake babonakale befunzana ukudla,” kusho umthombo utshela
Umthombo uqhube wathi uNorma usehlangane nengxenye yomndeni kammeli. “Kuningi abafana ngakho, bobabili bajabulela izinto ezinhle empilweni futhi bayakujabulela nokuvakasha. Lezithandani sezihlela ukububeka kwelinye izinga ubudlelwano babo,” kusho umthombo.
Kuthiwa lo mmeli ube nesandla esikhulu ekwakheni amabhizinisi kaNorma nokumeluleka. “Uphinde amgqokise futhi amdizayinele amasudi akhe. Umthombo uphinde wadalula ukuthi ummeli ophinde abe ngumphathi wezokuxhumana wenze isimanga sokugubha iValentine kuNorma ngomhla ziyi-14 kuFebhuwari.
“Kwakuwumkhosi omkhulu futhi wathengela uNorma inqwaba yama roses abomvu, ” kusho umthombo. Ngesikhathi uNorma ethintwa uwaphikile lamahlebezi wathi: “Ubani okutshele lokho? Uma ngiya ePitoli ngiya khona ngenxa yezizathu zami,” esho ngaphambi kokuvala ucingo. Ummeli akatholakalanga ukuba aphawule.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
