UPhilani Mavundla uzomela ABC kwesika Ndunankulu KwaZulu-Natal

UPhilani Mavundla onguMengameli ABC neMeya kamasipala waseMvoti useqokwe ngamalungu esigungu esikhulu salenhlangano ukuba ayomela leliqembu ephalamende laKwaZulu Natal njengoNdunankulu uma ngabe iqembu leABC linqoba lolukhetho lamhlaka 29 May 2024.

I-ABC ngelinye lamaqembu amasha adlondlobalayo njengoba leliqembu lanqoba umasipala wase uMvoti nokumanje yilona elilawula lomasipala. Khona manjalo kulindeleke ukuthi libange namaqembu amadala afana ne ANC, IFP, DA, EFF, Action SA. Leliqembu lithola ukusekwa kakhulu ezindaweni ezifana no Matimatolo, eLilane, Hlimbithwa, eNhlalakahle.

Kodwa uMavundla kulindeleke ukuthi anxenxe abantu ukuthi bamvotele kanti kuzokhumbuleka ukuthi lenhlangano yagila izimanga okhethweni lohulumeni base ekhaya. Noma kungaqondakali kahle ukuthi nguhlobo olunjani labantu olulandela leliqembu le ABC.

Abantu abangumsinsi wokudabuka eMvoti bakushayela ihlombe elikhulu ukuzalwa kweqembu lezepolitiki eMvoti njengoba bekuphoqa ukuthi abantu balandele amaqembu afana ne ANC, IFP, ngoba alikho iqembu lokuzalwa eMgungundlovana, kumanje abantu bakubona njengesiqalo esisha sempilo kubantu base Mgungundlovana.

Kumanje lenhlangano izomelwa ngabaholi abamqoka okhethweni likazwelonke. kulindeleke ukuthi abaholi basakazeke lonke izwe lase Ningizimu Africa benxenxa amavoti.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.