
Umkhulumeli weMK-Party okuyiqembu lezepolitiki eliselisha, neselenyusele amaphaphu amanye amaqembu ezepolitiki eNingizimu Afrika, uNhlamulo Ndlela, uthi ngeke baphendule ngenhlamba ebhekiswe eqenjini abaphuma kulo i-ANC. Ekhuluma noXolani Mngambi oyintatheli yesitheshi sikamabonakude iNewzroom Afrika, UNdlela usho lokhu ngemuva kokuthi abanye babaholi beqembu le-ANC bashiye abangalazi kuleliqembu kanye nanoma yiliphi ilunga le-ANC elizimatanisa nalenhlangano entsha, ikakhulukazi kowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma. UNdlela uphinde wengeza ngokuthi bagxile emkhankasweni wabo oqhubekayo. Ividiyo ngezansi.
WATCH: The spokesperson of MK Party, Nhlamulo Ndlela, says they will not respond to the insults directed at the ANC's splinter party backed by former President Jacob Zuma. He adds that their focus is on their ongoing campaign. pic.twitter.com/dpdhl1rgzl
— Sihle Mavuso (@ZANewsFlash) January 25, 2024
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
