Kuboshwe isikhulu somgwaqo esifune u-R150k kumshayeli ophuzile

Isikhulu somgwaqo siboshwe oKlebe ngezinsolo zokuqola umshayeli ophuzile eKapa. URenay Claudine Ruiters, 47, uboshwe ithimba loKlebe elizinze eBellville ngezenzo zenkohlakalo. Usolwa ngokufuna u-R15 000 kumuntu owambopha ngecala lokushayela ephuzile ngoSepthemba 2023. Isisulu sabikela oKlebe ngalolu daba, baqala uphenyo babopha uRuiters. URuiters uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseKapa namuhla, lapho ethole khona ibheyili ka-R1000.

Icala lihlehliselwe umhla zi-5 kuMbasa wezi-2024 ukuze kuqhutshekwe nophenyo. INhloko yoKlebe esifundazweni eWestern Cape, uMajor General Makgato, ukuncomile ukuboshwa kwamaphoyisa wathi izikhulu zomthetho zilindeleke ukuthi ziwuhloniphe umthetho futhi ziqinise umthetho, zingawasebenzisi kabi amandla azo. Uxwayise ngokuthi noma ngubani owenza inkohlakalo uzobhekana nengalo yomthetho.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.