Babizelwe kwiKhabhinathi omasipala abashaya udaka eKZN

Ngu: Alfred Ngubane |

Uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal ubize omasipala abanegama elibi lokuchitha kabi imali ukuze beze bazochaza phambi kweKhabinethi ngesikhathi kukhula ukukhathazeka ngokuphathwa kabi kwezezimali kanye nokwehluleka ukuhambisa izidingo emphakathini.

Lokhu kubizwa kwenzeke ngemva kokuba uNgqongqoshe wezimali esifundazweni, uFrancois Rodgers, ethule umbiko eSishayamthetho obonisa ukuthi omasipala abaningi badonsa kanzima. Ngokombiko wakwaTreasury, omasipala baseKZN nase-Eastern Cape bafakwe ohlwini lwabasengcupheni yokuguqa ngamadolo.

Omunye umnyombo wokuchitha kabi imali kube ukukhokhelwa kwe-overtime edlule R316 million, lokhu kubeka ingcindezi eyengeziwe kwi-budget evele inengcindezi. Izikweletu zifinyelela ku-R74.3 billion. Omasipala baseKZN bahlanganise imali engenayo engu R85.9 billion kuze kube sekupheleni kukaMashi.

Kodwa lezi zinombolo ezibukeka zinhle zifihla ubuthakathaka obukhulu, ikakhulukazi komasipala abancane. – Izikweletu zomasipala zifinyelele ku R74.3 billion, okukhuphuke ngo-R2.1 billion, kanti u86.3% wazo sezidlule izinsuku eziyi-90.- Omasipala bakwela osonkontileka uR9.2 billion, kanti uR7 billion wawo awukhokhwanga phakathi kwezinsuku eziyi-30 njengoba umthetho usho.

Komasipala abangu-54 kwaKZN, abangu-20 bahlonziwe njengalabo ezinezinkinga ezinkulu zezezimali.URodgers ugcizelele ukuthi ukwesekwa akusho ukuthi kufanele kuyekwe ukubikwa. “Uhulumeni wendawo kumele ume nokuphatha izinkinga uqale ukubusa ngendlela esimeme,” kusho yena.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.