
Ngu: Alfred Ngubane |
Umgadli we-Orlando Pirates u-Andre De Jong usale ngaphandle eqenjini lesizwe lase New Zealand ngenxa yokweqiwa yijezi kuBhakabhaka.
Lomdlali waqala ukudlala ibhola elikhokhelwayo eNew Zealand waya e-Australia wagcina efikile kuleli wadlalela AmaZulu FC, Stellenbosh FC lapho egqame khona ngokushaya amagoli angu 19 ngesizini edlule. I-Orlando Pirates imthathe kuStellenbosh FC eshisa njengoba manje esekhuhla ibhentshi.
Lo mgadli uqale imidlalo emine vo kuPirates nokwenze lehla izinga lakhe. U-De Jong ubenethemba ukuthi uzoba yingxenye yeqembu lesizwe laseNew Zealand elizodlala iNdebe yomhlaba e-USA, Mexico naseCanada ngoJune.
Umqeqeshi weNew Zealand uDarren Bazeley uke wambiza emdlalweni yobungani embili neFinland neChile.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
