
Ngu: Alfred Ngubane |
INhlangano yebhola laseNingizimu Afrika (SAFA) isimemezele ngokusesemthethweni ukuthi isekela u-Gianni Infantino ukuthi aphinde akhethwe njengoMongameli we-FIFA esikhathini esizayo.Isinqumo sathwa yi-National Executive Committee ye-SAFA emhlanganweni obanjelwe eSafa House eJohannesburg, ngeSonto, 10 Meyi 2026. Amalungu e-NEC avumelana ngokubambisana ukuthumela incwadi yokumqoka nokuqinisekisa ukusekela kwabo ku-Infantino.
Encwadini ebhalelwe u-Mattias Grafström, uNobhala-Jikelele we-FIFA, i-SAFA yacisa ukuthi “inhlangano yeBhola laseNingizimu Afrika isekela kuphela uMnu. Gianni Infantino esikhundleni sikaMongameli we-FIFA, futhi ngeke isayine esinye isivumelwano sokusekela omunye umuntu.”I-NEC ithi u-Infantino uzibonakalisile njengoMongameli ofanele, futhi bayajabula ukuphakamisa ukuthi aqhubeke nesikhathi sakhe esibonakala siphumelele.U-Infantino, osebe ngumongameli we-FIFA kusukela ngo-2016, uvele wamemezela ngo-Ephreli ukuthi uzoqhoqhobala izintambo kusukela ngo 2027 kuya ku-2031.
Lokhu kuzomenza aqede iminyaka engu-15 esebenza esikhundleni.Ukhetho lwe-FIFA kulindeleke ukuba lwenzeke ngo-18 Mashi 2027 eMorocco. I-CAF ne-CONMEBOL nazo sezivele zathi zizomsekela, ngakho amathuba amakhulu ukuthi u-Infantino uzophinde akhethwe ngaphandle kokuphikiswa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
