
Ngu: Alfred Ngubane |
I-Magesi FC izodlala umdlalo wayo ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ixhuga njengoba izobe ingekho injini yabo uMotsie Motima. UMotima uthole ikhadi lakhe lika-4 eliphuzi emdlalweni weMagesi ne-Orbit College ngoLwesibili.
Ngomthetho weligi, lokho kusho ukuthi kufanele angadlali umdlalo owodwa olandelayo.Lo mdlali oneminyaka engu-30, oke wadlalela i-Mamelodi Sundowns, ubesanda kuletha ithemba kwiMagesi ngokushaya igoli bedlala ne-Orbit.
Ukungabikho kwakhe kuzoshiya imbobo enkulu esiswini, ikakhulukazi njengoba iMagesi ilwela amaphuzu abalulekile ukuze ibalekele izembe. I-Pirates yona izobheka ukusebenzisa leli thuba njengoba ilwela ukuqhubeka nokushaya i-Sundowns emjahweni weLigi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
