
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, ubhekene nosonkontileka abathukuthele bathi uMnyango wakhe ubungabakhokheli ngesikhathi.
NgoLwesibili uDuma uthe umnyango wakhe uhlangane nosonkontileka wathi umhlangano uhambe kahle. Osonkontileka bakha futhi banakekele imigwaqo engamakhilomitha angaphezu kuka-34 000 esifundazweni sonke.
“Naphezu kwezingqinamba zokubambezeleka kokukhokha, siyayithokozela imibono neziphakamiso zabo eziqinile njengoba sisebenza ngokubambisana ukwakha iKwaZulu-Natal ephumelelayo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
