Inkakha yaseBrazil ibona izwe labo beziyinqoba eyomhlaba

Owayengukaputeni weBrazil uMarcos Cafu Evengelista ukholwa ukuthi leli yithuba elihle lezwe labo lokunqoba iNdebe yomhlaba ka-2026.

“Abadlali abaningi abakhona njenga manje badlala kahle abanjengoVinicius Junior, Endrick, Rodrygo, Raphinh bonke basemnyakeni engu 18 kuya ku 25 banamandla banesivinini futhi balambele ukunqoba, ” kusho uCafu.

Uthe yena uRonaldo, Rivaldo noRonaldinho bayinqoba indebe yomhlaba.UCafu uyinqobe kabili indebe yomhlaba.

Iqembu leSamba lagcina ukunqoba indebe yomhlaba ngonyaka ka-2002 eJapan naseSouth Korea. Leliqembu selihlale iminyaka engu-24 lingayinqoba indebe yomhlaba .


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.