
Ingwazi yeKaizer Chiefs uBrian Baloyi unxuse abalandeli beMpofana ukuthi banike umdlali osemusha uMduduzi Shabalala uthando nokwesekwa ngemuva kokubonisa izimpawu zokuqina emidlalweni emibili edlule.
UShabalala ushaye igoli elihle phakathi neviki eledlule ngesikhathi iKaizer Chiefs ibhaxabula kabuhlungu i-Orbit College ngo 3-1. Akagcinanga lapho – ngempelasonto eFNB Stadium, waphinde wakhanda igoli lika-Flavio Da Silva ngobuhlakani, lokho okusize iChiefs ukuthi inqobe ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership.
UShabalala usize kakhulu iKaizer Chiefs ukuthi ikhuphukele endaweni yesithathu etafuleni leBetway Premiership. UBaloyi uthe abalandeli akumele bakhohlwe ukuthi uShabalala usemncane futhi uyafunda.
“UMduduzi unethalente. Uma simnika uthando esikhundleni sokumgxeka, uzosikhokhela, ukhombisa ukufunda emaphutheni akhe, ” kusho uBaloyi.
IKaizer Chiefs isalelwe yimidlalo eyisikhombisa ukuvala isizini, kuhlanganisa nemidlalo emikhulu okubalwa kuyo iMamelodi Sundowns ne Orlando Pirates.
Ukubuya kwefomu kaShabalala kunika i iChiefs ithemba. Umgqeqeshi weChiefs uCedric Kaze uncome ukuzikhandla kukaShabalala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
