
U-Edwin Gyimah oyingumdlali weqembu lesizwe laseGhana ne-Orlando Pirates ubhekene nenkanankana yokuba ngundingasithebeno nomkakhe nezingane.
UGyimah uthi umuzi wakhe wathathwa ngudadewabo ngemuva kokuyofuna usizo eNingizimu Afrika ngenxa yokuhlushwa ngabantu abaphansi.
Ngesikhathi ngisadlala ibhola eNingizimu Afrika nganikela umuzi kuMama kanye nezingane zakwethu.
Ngemuva kokungezwani kwami nejenti yami yangikhuluma kabi emphakathini kwashintsha yonke into ekhaya kusho Gyimah.
Ubudlelwano bami bahlakazeka nabaqashi bami kwi Sekhukhune United, nozakwethu nomndeni wami kusho Gyimah.
Ngathi ngicela usizo emndenini wami ngosizo lokulekelelwa ngosizo lwezomoya bangishaya indiva.
Ngathola umsebenzi wezinkontileka ezingu-21 kodwa kwangaphumelela ngisho neyodwa kusho Gyimah.
UDadewethu wanxusa ukuthi ngimdlulisele itayitela lobunikazi lomuzi ngo-GHS 25,000 (R37,000) waphinda walikhuphula lafinyelela ku-GHS 50,000 (R75,000).
Ngabuyela eGhana ngathola ukuthi umuzi wami usuthengisiwe, kumanje ngiyazula-zula nomkami nezingane zami.
Ngidabukile emoyeni wami njengoba ngikholelwa emoyeni ukuthi ngumndeni wami owangibulala ngomoya khona uzodla umuzi wami bawudayise bedle imali.
Ngike ngaba nezingozi ngahaqwa yizinkinga ezingapheli. Manje angazi ukuthi ngenzenjani.
Ngesikhathi kumele ngijoyine iMagesi FC zaqala lapho izinkinga, zathi ngu kimi.
Email: editor@ibunda.co.za
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
