
Ingwazi yeKaizer Chiefs uVusi Computer Lamula ikhomba ngenjumbane abaphathi beKaizer Chiefs ngokudicilileka phansi kwesithunzi seqembu. “Ngiyababona abaqeqeshi kodwa ngibona indaba enkulu-ilele kubaphathi beChiefs ikhona lento abangayenzi kahle bona uqobo lwabo ekumele bayisukumele,” kusho uLamula ,
Uthe noma ngabe ungalanda umqeqeshi osezingeni eliphezulu kakhulu ebholeni onjengoPitso Mosimane, Benni MacCathy ngeke bayenzelutho iKaizer Chiefs bengakalitholi ikhambi le nkinga.
ULamula wazakhela igama kuChiefs ngeminyaka yama 70s nama 80s, egijima eswini seChiefs ngokubambisana noJan Malombo Lechaba okuyisikhathi esasimnandi kubalandeli beqembu njengoba laliqoqa zonke izindebe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
