
Naphezu kokudumazeka kokuhlulwa ngo 2-1 yiNamibia kowamanqamu e-2025 COSAFA Women’s Championship eNew Peter Mokaba Stadium, umqeqeshi we-Sasol Banyana Banyana uDkt. Desiree Ellis uthe uziqhenya kakhulu ngeqembu ngendlela elidlale ngayo.
U-Ellis, obekade ebheke ukubona abadlali abasha beqhubekela phambili, uthe lo mqhudelwano ubanikeze ithuba elihle kakhulu lokukhula nokufunda. “Ngiyaqhenya kakhulu ngeqembu lami,” kusho u-Ellis.
“Lidlale ngokuzikhandla kakhulu futhi lakhombisa isibindi esikhulu kuyo yonke imidlalo.”
Lo mqeqeshi uveze ukuthi nakuba bekhulekile ukuba bahluleke ukuguqula amathuba abe amagoli kowamanqamu, leli qembu elincane, elinezingane ezineminyaka engu-16, 17, no-18, libonise ukuthi liqhakazile ikusasa lebhola labesifazane eNingizimu Afrika. “Kukhona okuningi okuhle esikufundile,” engeza. “Manje sizoqhubeka nokusebenza kanzima ukuze silungise amaphutha.”
Abathandi beBanyana Banyana bangalindela okuningi kulaba badlali abancane abazibonakalise kulo mqhudelwano, ngaphansi kobuholi bukaDkt. Ellis onesipiliyoni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
