Amaphoyisa athoe izibhamu ezingu-329 eKZN

Kutholwe izibhamu ezingamakhulu amathathu namashumi amabili nesishiyagalolunye (329), kanti ezingamashumi amabili kuzo ezasekhaya kanye nezibhamu ezingu-23 nezinhlamvu ezingu-5 046 ngesikhathi somkhankaso kaSepthemba nokwaholela ekuboshweni kwabasolwa abangu-10 627 ngezigaba ezahlukene zobugebengu KwaZulu-Natal.

Ukuthungathwa kwabasolwa abafunwayo kuholele ekuboshweni kwabasolwa ngamacala okubulala abangu-168 kwathi abanye abasolwa abangu-214 baboshwa ngamacala okuzama ukubulala, kwathi abasolwa abangu-47 baboshelwa ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Abasolwa abayikhulu namashumi amahlanu nanhlanu baboshelwe amacala okugebenga okubalwa kuwo ukubamba inkunzi esebenzisa isihluku, ukugebenga amabhizinisi nezindlu, ukugqekeza izimoto namaloli. Kuboshwe abasolwa abangu-77 ngokusabisa.

Imizamo engapheli yamaphoyisa yokuqeda Udlame Olusekelwe Ngokobulili iyaqhubeka nokuletha abenzi bokubi enkantolo. Abasolwa abangamakhulu amabili nantathu (203) baboshelwe amacala okudlwengula, abasolwa abayisi-7 baboshwa ngecala lokuzama ukudlwengula kanti abasolwa abangu-243 baboshwa ngenxa yokwephulwa komthetho iDomestic Violence Act.

Ukusetshenziswa kabi kotshwala kusaqhubeka nokuba nomthelela omkhulu emacaleni okushaya. Abasolwa abayinkulungwane namakhulu amane namashumi ayisishiyagalombili (1 480) baboshelwe ukushaya ngenhloso yokulimaza. Ngaso leso sikhathi, kuboshwe abantu abangu-528 ngokudayisa ngokungemthetho. Kuboshwe abantu abangu-60 ngokuphuza endaweni yomphakathi kanti abanye abangu-75 baboshelwe ukudakwa endaweni yomphakathi.

Abasolwa abangu-29 (29) baboshelwe ukweba imfuyo. Kutholwe izinkomo eziyikhulu nane (104), izimbuzi eziyi-15 namahhashi ayi-6 ngesikhathi kwenziwa umsebenzi ngenyanga kaMandulo wezi-2024.