Umkhankaso usuveze amahlazo okungakhokhelwa kwabasebenzi basezindaweni zokudla

Ukuhlasela Okuhlangene kwendawo yezobumnani kanye nokudlela e-Menlyn’s, i-Babel Restaurant kanye nase-Ocean Basket kwembule amahlazo alemboni yokungaholeli abasebenzi imali engaphezu kuka R1.3 Million.

Umkhankaso ohlanganyelwe obandakanya i-Directorate of Priority Crimes Investigation (oKlebe), uMnyango wezaseKhaya, uMnyango wezabaSebenzi, kanye nezikhulu zoMkhandlu Wokuxoxisana uqhube umkhankaso wokugasela e-Babel Restaurant nase Ocean Basket eMenlyn, ePitoli.

Lo mkhankaso, uveze ukuthi zombili izikhungo zehlulekile ukukhokhela abasebenzi bazo amaholo angaphezu kuka-R1.3 million, nokuphula uMthetho Kazwelonke Wamaholo Aphansi.

I-Babel Restaurant, eyaziwa ngesipiliyoni sayo sokuba indawo esisezingeni eliphezulu, kutholakale ukuthi ikweleta abasebenzi bayo imali elinganiselwa ku-R567,531, kanti abahlanzayo noweta/ yibona abathinteka kakhulu.

Uphenyo luveze ukuthi oweta bakhokhelwa kakhulu ngamakhomishini nangamathiphu, abanye behola imali encane efika ku-R150 ishifu, ngaphansi kakhulu kweholo elisemthethweni elingu-R27.58 ngehora ngo-2024/25.

Ngaphezu kwalokho, abasebenzi bebesebenza amashifu amahora ayi-12 kuya kwayi-15, bephula uMthetho Wezimo Eziyisisekelo Zokuqashwa ophathelene nezikhathi zokuphumula zansuku zonke nezamasonto onke.

Isimo sase-Ocean Basket besifana, lapho abasebenzi nabo banxeshezelwa ikakhulukazi ngamathiphu namakhomishini, indawo yokudlela ikweleta abasebenzi bayo u-R813,969. UMnyango Wezokuqashwa Nezabasebenzi, ngomlomo kaNgqongqoshe uNomakhosazana Meth, uyigxekile le mikhuba, wagqamisa ukuxhashazwa kwabasebenzi abasengozini.

“Ukuxhashazwa kwabasebenzi ngabaqashi ngeke kubekezelelwe kunoma yimuphi umkhakha,” kusho uMeth, enxusa abasebenzi ababhekene nemikhuba engafanele yokusebenzela ukuthi babike esikhungweni sezabasebenzi esiseduze.

Lo mkhankaso uphinde waholela ekuboshweni kwabantu abathathu, okuhlanganisa abantu ababili abavela kwamanye amazwe abangenazo izincwadi ezisemthethweni abasebenza e-Babel kanye noyedwa e-Ocean Basket, okubonisa izindaba ezibanzi zokulandelwa kwemithetho yokuqashwa kanye neyokufika kuleli.

Lawamahlazo alandela ukukhala komphakathi, ikakhulukazi ngemuva kwevidiyo ye-TikTok yalowo owake waba uweta wase-Babel lapho echaze kabanzi ngezimo zokuxhaphaza, okuhlanganisa nabasebenzi abakhokhela imifaniswano yabo kanye nemishini ephaketheni.

Le vidiyo ayigcinanga ngokuletha usizi lwalaba basebenzi emphakathini kodwa iphinde yavusa ingxoxo ebanzi ngamalungelo abasebenzi emkhakheni wezokuvakasha. Isitatimende soMnyango siphinde saveza ukungalandelwa kweminye imithetho yezabasebenzi, okuhlanganisa noMthetho Womshuwalense Wokungaqashwa kanye nezimfuneko Zesikhwama Sesinxephezelo, okubonisa ukungahlonishwa okuhleliwe kwamalungelo abasebenzi kuzo zombili izikhungo.

Njengoba umphakathi kanye nezishoshovu zamalungelo abasebenzi ziqoqana ukuze kuqiniswe umthetho oqinile nezimo ezingcono, lesi sigameko sisebenza njengesikhumbuzo esiqinile sempi eqhubekayo yokulwa nokwebiwa kwamaholo kanye nokwephulwa kwemithetho yezabasebenzi eNingizimu Afrika.

Indaba ye-Babel Restaurant kanye ne-Ocean Basket ingase ibe isiphetho nje, okwenza kudingeke ukuthi kuhlolwe ngokucophelela kanye nezinhlawulo zokungathobeli imithetho embonini yonkana.

Okwamanje, izinyathelo zomthetho kanye nokubuyiswa kwamaholo akweletwayo kuyaqhubeka, njengoba uhulumeni ethembisa izinyathelo ezisheshayo zokulwa nalokhu. Lo mcimbi ugcizelela isidingo sokuqapha okuqhubekayo kanye nokumela amalungelo abasebenzi embonini ephithizelayo yezinsizakalo zaseNingizimu Afrika.