
Esinqumweni senkantolo sakamuva, usingababa (stepfather) ohileleke ekudivoseni uyalelwa ukuba ondle izingane zakhe ezafika nonkosikazi ngokwezimali, naphezu kwenkulumo yakhe ethi wayengenaso isibopho esingokomthetho sokwenza kanjalo.
Inkantolo iyalele ukuthi akhokhe u-R40 000 wesondlo somlingani, u-R35 000 werenti, akhokhe nezindleko ezahlukene, okubalwa izinsiza, i-medical aid, iWiFi, ezokuphepha kanye namaholo abasebenzi.
Ukwengeza, wayalwa ukuba axhase ngezimali impilo ewubukhazikhazi yezingane zakhe zokutholwa, okuhlanganisa nemali yesikole nobulungu beklabhu yegalofu. Laba bashadikazi, abashade ngo-2018 ngaphandle kokuba nabantwana ndawonye, ngamunye waletha izingane ezivela emishadweni yangaphambili ebudlelwaneni.
Lona wesifazane uphikisene ngokuthi izingane zakhe zijwayele ukuphila okusezingeni eliphezulu okwaphazanyiswa uyise ongamzali ehoxisa ukusekelwa ngokwezimali nangokomzwelo ngesikhathi behlukana.
Ngakolunye uhlangothi, usingayise waphikisa ngokuthi akazange enze izithembiso zokondla izingane, njengoba noyise ozalayo naye waba nesandla ekuzinakekeleni.
Inkantolo ibone ukuthi umthetho ojwayelekile awugunyazi obaba bokutholwa ukuthi bondle izingane zokutholwa, kodwa yanquma ukuthi ngeke kube yinzuzo yezingane ukuba azilahle.
Ijaji liphawule ukuthi le ndoda iveze ukuthi inakekela izingane futhi ngenxa yalokho yamyala ukuba akhokhe izindleko zezomthetho ezengeziwe futhi anikele ngezindleko zasekhaya.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
