Inkakha uSteve Lekoelea kubikwa ukuthi izinkinga ziyaqonga

Ngokwemiko owayengumdlali webhola uSteve Lekoelea (45), kuthiwa uthwale kanzima njengoba imibiko iveza ukuthi ulwa notshwala futhi uhlale ekhumbula izinsuku zakhe zakudala njengomdlali webhola.

ULekoelea owaziwa ngelika“Chippa,” obengumdlali ovelele kuBafana Bafana ne-Orlando Pirates, kuthiwa uthwalisa kanzima abangani bakhe baseSebokeng ngokufuna ukunakwa futhi ezishaya isifuba ngezinto azizuzile.

Ngokusho komngani ophuza utshwala noLekoelea uthi uvame ukukhuluma ngempumelelo yakhe ku-Orlando Pirates ahluleke ukuziphendulela ngokufadalala kwakhe, useze wacela usizo kube sengathi akakaze adlale ibhola elikhokhelayo.

Omunye umthombo wakwamakhelwane uzwakalise ukuphatheka kabi, uthi uLekoelea ulokhu ecwilisa usizi lwakhe otshwaleni futhi ulindele uzwelo kwabanye esikhundleni sokufuna amathuba okuqeqesha abadlali abasebancane, njengokuthi akhulume nomqeqeshi weqembu le-reserve iPirates, eliholwa yilowo owayedlala naye uJoseph ” Dukuduku” Makhanya.

Phezu kokuba wake waba nethuba lempilo yonke lokudlalela iziqhwaga zase-Dutch, i-PSV Eindhoven, eneminyaka engu-18 ubudala, u-Lekoelea kusolakala ukuthi wahamba ngenxa yokukhumbula ekhaya futhi edonsa kanzima ngolimi.

Kubukeka sengathi impilo kaLekoelea isithathe enye indlela, nokukhathazeka ngenhlalakahle yakhe kanye nekusasa lakhe phezu kwezinkinga abhekene nazo.